Uncategorised

KUBOSHWE ABOKUFIKA ABANGAPHEZU KWEZI-12 000

AMAPHOYISA athi bangaphezu kuka-12 000 abokufika ngokungemthetho kuleli ababoshiwe. ISITHOMBE: SAPS

NOMCEBO NGEMA

KUBOSHWE abokufika kuleli ngokungemthetho abangaphezu kwezi-12 000, ngesikhathi kuqhubeka amamashi okuxosha abokufika abakuleli ngokungekho emthethweni ukuthi babuyele emazweni abo.

Lesi sibalo sivezwe amaphoyisa akuleli, nathe bangaphezu kwezi-3 113 abokufika abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli ababoshiwe, ngesonto eleldlule kwaboshwa abanye abaningi ezindaweni ezihlukene okwenze isibalo safinyelela ku-12 000. Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uLt Col Amanda Van Wyk, uthe amaphoyisa nawo aphume umkhankaso wokuqapha isimo ndawo zonke, ngenhloso yokuqinisekisa ezokuphepha eminceleni, ukuqinisa imithetho yokungena nokuphuma kuleli nokulwisana nobugebengu.