ISILO SITHI ABAHAMBE ABOKUFIKA ABAKULELI BAYEMAKUBO

ISILO uMisizulu KaZwelithini ngesikhathi sithula inkulumo ESANDLWANA. ISITHOMBE: GCINA NDWALANE
NOMCEBO NGEMA
ISILO uMisizulu KaZwelithini
sikhala ngabesifazane bakuleli, abaqoma abokufika baze bebazalele izingane, sithi nakuba kunjalo abahambe obaba bazo lezi ngane kusale, abashana ngoba akekho umuntu ongenalo ikhaya.
INdlulamithi isho kanje namhlanje ngesikhathi kunomgubho wokukhumbula impi yaseSandlwana, lapho uZulu anqoba khona amaNgisi, emcimbini obuseNquthu.
“Lokhu okwenzakala esikoleni samabanga aphansi i-Addington Primary School, eThekwini kuyasilimaza kakhulu, kunjena namhlanje kungenxa yodadewethu abaqoma amak..le..le. Kodwa sizothini phela ngoba sebezele nabashana bethu, alihambe ikwe..kwe..le asale umshana ngoba kufanelel kube njalo. Kumele sihlale phansi Zul’mnyama sichithe sibheke ukuthi siluthini ngampela lolu daba.
Lesi sizwe sikhandwe ngegazi, nalesi sihlalo ngakho siyayazi impi thina, siyakwazi ukungalali emakhaya, ngakho ke abangasiyisi empini. Uma nifuna impi anoza kumnikazi wayo iSilo ngoba impi ephakwe isona iyanqoba kodwa impi ephakwe izingane iyehlulwa,” kusho iNdlulamithi.
ISilo siqhube sathi lokhu okwenzekayo akuqali njengoba sithi nangesikhathi kusekhona uMdlokombane iSilo esesabuza, sedlula kuyona le nkinga njengoba isibuya.
Uthi abantu bengabanga umsindo umhlaba wonke kodwa lelizwe aliyi ndawo futhi akekho umuntu oyolithinta.
“Sisemkhankasweni wokuthi lesifundazwe kube iKwaZulu kuphela kukhishwe uNatal ngoba iwona osibangela utalatiya. Lo Natal angiwazi ukuthi owani ngoba mina ngizoMisuZulu, angizile ukuzomisa uNatal. Ngapholofethwa ngingakazalwa nokuzalwa ukuthi ngiyosiphatha lesi sizwe ngalesikhathi. Zul’omnyama ngalesikhathi sami ngiyanithembisa ayikho impi esizoyiphaka kodwa sizokhuluma nabo sithi sukani lana ngoba akekho umuntu ongenalo ikubo. Sikhumbule ukuthi sikuMkhosi Wokweshwama ngisafakwe ingubo emlonyeni ngakho angikwazi ukukhuluma kakhulu inhlambelo isemanzi,” kuphetha iNdlulamithi.
