ZIPHEZULU IZIBALO ZABOKUFIKA ABANGABANIKAZI BAMASPAZA E-KZN

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli ethula inkulumo ngodaba lwabokufika abangabanikazi bamaspaza shops.

ABANIKAZI bezitolo ebebephume ngobuningi babo, bethamele inkulumo kaNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
AMASPAZA nasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya, azosingathwa ngabantu bakuleli. Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi kunengxoxo yokubhunga ngamasu okuthuthukisa umnotho wamaspaza shops, emalokishini nasezindaweni zasemakhaya, e-Achie Gumede Conference Centre, eMayville, namuhla.
UNtuli uthe ubize lo mhlangano wosomabhizinisi abancane, ngaphansi komkhankaso awuthula ngokusemthethweni ngonyaka ka-2024, i-Engangeni Ngesango Iyafohla. “Kwenziwe ucwaningo ngomnotho wamabhizinisi asemalokishini, nasezindaweni zasemakhaya. Lokho kube imbangela yokuthi uhlangane namuhla. Singuhulumeni owakha izixazululo ezihamba ibanga elide. Baningi abantu bokufika kuleli ngokungemthetho abangabanikazi bamaspaza shops, okudlula abantu akulesifundazwe, ” kubeka uNdunankulu uNtuli.
Uthe bangu-57.8% abokufika abakuleli ngokungemthetho, nabakuleli ngokusemthethweni abangabanikazi bamaspaza shops, kanti abakuleli bayi-42.2%. ” Lezi zibalo zivele ngesikhathi kwenziwa ucwaningo. Abokufika yibona abakhonyayo kulomkhakha njengoba eThekwini bengu-84.4%, isiFunda Amajuba bangu-77.9%, eKing Cetshwayo bangu-64.3%, eMkhanyakude bangu-59.2%, Ugu bangu-53.7%, iLembe bangu-52.6%,” kusho uNdunankulu uMnuz uNtuli.Uqhube wathi iTheku ilona elihamba phambili ngobuningi babokufika abangabanikazi bamaspaza shops. Uthe izifunda ezinabantu abaningi bakuleli abangabanikazi ezitolo, kubalwa iHarry Gwala njengoba abakuleli abengamele izitolo beyi-86%, uMzinyathi bayi-78.8%, uMgungundlovu bayi-69.1%, uThukela bayi-68.6%, eZululand bayi-63.6%.
“Njengoba abaningi bokufika sebehambile, sesifuna indlela yokuthi siwuvala kanjani umonakalo owenzekile kumnotho. Kunabantu bakithi ebebenezitolo kodwa bagcina berentisa abokufika kuzona, sizobheka ukuthi sibasiza kanjani. Ngijabulile indlela abantu ebebephume ngayo sabhunga ngamaqhinga, namasu esingawasebenzisa ukulekelela uhulumeni. Kuzoba nohlelo oluzohambela bonke omasipala esifundazweni ngoba esikwenzayo kufanele kufakazelwe izibalo ezizosho ukuthi sifice kunjani, sahamba ibanga elingakanani, nesikhathi esingakanani uma sekunomphumela omuhle,” kusho uNtuli.
