UMLILO USHIYE IMINDENI INGENAMAKHAYA ETHEKWINI

IMINDENI eminingi isale dengwane ngemuva komlilo oshise imijondolo ePuntas Hill, eSpringfield. ISITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY
LINDELWA MAGWAZA
ISALE dengwane imindeni eminingi, kulandela umlilo obusha ubuhanguhangu emijondolo yasePuntas Hill, eSpringfield, eThekwini.Ithimba lezicishamlilo kuMasipala weTheku lifike endaweni yesigameko lifice imijondolo elinganiselwa kweyi-15 isha.
Leli thimba likwazile ukunqanda umlilo ukuthi ungabhebhetheki, wenze omunye umonakalo omkhulu.”Ithimba lezicishamlilo likwazile ukucima lo mlilo, ngaphambi kokuthi wenze umonakalo omkhulu,” kusho uMasipala weTheku kwisitatimende.Akukho muntu olimele noma oshonile, yize umlilo ushiye imindeni ilahlekelwe amakhaya. Imbangela yalo mlilo isaphenywa.
UMasipala unxuse umphakathi ukuthi uqaphele indlela osebenzisa ngayo umlilo ikakhulukazi ngalesikhathi sonyaka. “Sicela izakhamuzi ziqaphele uma zisebenzisa umlilo, okungaba ukupheka, indlela ugesi oxhunywe ngayo ikakhulukazi ezindaweni eziminyene lapho umlilo usabalala khona ngokushesha,” kusho uMasipala.
