INJABULO KUBAFUNDI BENIKWA UMFANISWANO WESIKOLE NGAMALUNGA E-MKP

UMENGAMELI wabantu abasha be-MKP uQiniso Cibane, amalunga eMKP ebemphelezele nabafundi base-Platt Drive Primary School. ISITHOMBE: KZNMKP
NOMCEBO NGEMA
INJABULO ibibhalwe emehlweni kubafundi base-Platt Drive Primary School, eSiphingo ngesikhathi bevakashelwe amalunga eqembu Umkhonto Wesizwe Party (MKP) izolo , ngenhloso yokuqhuba umkhankaso walo eliwuqale ngonyaka odlule, wokunikelela abafundi abaqhamuka emakhaya adonsa kanzima ngomfaniswano.
UQiniso Cibane onguMengameli wabantu abasha kwiMKPYL, uthi baqale lo mkhankaso ngonyaka odlule bebambisene nelunga laleli qembu ePhalamende uNoma Buthelezi, ukuthi bahambele izikole ezinabafundi abaqhamuka emakhaya adonsa kanzima baphonse isandla. “Njengoba senza lokhu silulekwa umthethosisekelo weqembu, okubeka ngokusobala ukuthi kukhona konke esikwenzayo kufanele siqhakambise ubuntu. Konke esikwenzayo senza ubuntu ngaphansi kobuholi bukaMengameli wethu uMnuz Jacob Zuma, owasithuma ukuthi siphume siyotshela abantu ukuthi kukhona inhlangano yabantu iMKP enobuntu, ezokwenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu ubuyelwa isithunzi ezweni lakhe.
Sibe sesibona nathi ukuthi kubalulekile ukuthi umfundi uma eyofunda abe nesithunzi,” kuqhuba uCibane.
Uqhube wathi njengoba kuqala unyaka i-Platt Drive Primary School iseyisikole sokuqala abasasivakashelile, kodwa ziningi ezinye abasazozivakashela, benze isiqiniseko sokuthi okuncane abanakho kukhona umehluko okuzowenza kwizingane ezixakekile.
“Sibonga kakhulu kubazali bezingane abasemukele ngezandla ezifudumele esikoleni, ngoba uma umfundi esesikoleni umzali wakhe kuba uthisha, kodwa uma esesekhaya umzali wakhe kusuke kungumzali wakhe wangempela. Abazali sibatshelile ukuthi esikwenzayo sikwenza ngokuthunywa uNxamalala onguMengameli we-MKP. Sibatshelile ukuthi abangabongi thina kodwa ababonge yena uMsholozi, konke esikwenzayo sikwenza ngaphansi kwezibusiso zakhe. Ngiyabathembisa abantu bakithi ukuthi sizofika la esifinyelela khona ngenhloso yokushintsha izimpilo zabantu bakithi,” kuphetha uCibane.
