Uncategorised

ABAMELI NESICELO SOKUSUSWA KUKA-CAT EBHONGWENI

UVUSUMUZI “Cat” Matlala obhekene namacala abucayi. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

ABAMELI bakaVusumuzi “Cat” Matlala ongusomabhizinisi osolwa ngenkohlakalo nokuzama ukubulala owayeyintombi yakhe, sebefake isicelo sokuthi asuswe ejele laseBhongweni eKokstad, ayiswe ejele laseGoli.

Bathi kunzima ukulungiselela ukuqulwa kwecala lakhe, kwephula ilungelo lakhe lokuqulwa kwecala ngendlela efanele.

Ummeli wakhe utshele inkantolo ukuthi ithimba labameli liyaphoqeleka ukuthi liye eThekwini ngendiza, bese lihamba ibanga elide ngemoto ukuya eKokstad ejele, lifike lithole isikhathi esincane sokukhuluma naye.
Uqhube wathi nezokuphepha ziqine kakhulu kuleli jele ngoba nezingxoxo zenzeka ngemumva kwengilazi, ziyalalelwa futhi ziqoshwe okwenza kube nzima ukulungiselela icala.

Uthi lokhu kwephula amalungelo ka-Cat omthethosisekelo futhi kufanele adluliselwe ejele lapho abameli bakhe bezofinyelela kalula kuyena.
Inkantolo ibingakasiphenduli isicelo sabameli.