U-DJ WARRAS UBULAWELWE EYAMABHILIDI

ARMINDO Joaquim Pacula uzobuyela enkantolo eyozwa ngesicelo sakhe sebheyili.

UVICTOR Majola ongumsolwa wokuqala ekubulaweni kukaDJ Warras, osekuvele ukuthi uyena owathuma abasolwa ababili. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
USHIYE abaningi beshaqekile futhi benemibuzo eminingi umsolwa wesibili obevele izolo eNkantolo kaMantshi yaseGoli, ngesikhathi evuma icala lokusoconga umsakazi obephinde abe umethuli wezinhlelo kumabonakude uDj Warras.
U-Armindo Joaquim Pacula oneminyaka engama-25 ubudala ongowaseMozambique, uveze ukuthi wanikwa imali engango-R7000 ngokubulala uDj Warras, ngoZibandlela ngonyaka odlule edolobheni eGoli.
Elandisa inkantolo ngokwenzeka ngosuku lwesigameko u-Armindo uthi ngemva kokudubula abulale uDj Warras, wabuye wabuya endaweni yesigameko esegqoke ama-avaroli ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ushone ngampela uDj Warras.
Uthi ngemva kwezinsuku ezimbili wabaleka eGoli waya kwelakubo eMozambique, wabhadlaza nokuthi wayethunywe uVictor Majola ongumsolwa wokuqala kuleli cala osagqunywe esitokisini, kulandela ukuthi inkantolo inqabile ukumnika ibheyili.
Lo msolwa uqhube wathi babethenjiswe ukukhokhelwa imali engango-R25 000 kodwa banikwa uR7000 nalona omunye wesilisa ababeqashwe naye ukwenza lo msebenzi nakuba yena engakakaboshwa.
Ungonyuluke nokuthi babetshelwa ukuthi bazobulala umlungu ophazamisa ukuqoqwa kwemali kulelibhilidi.
Uphinde waveza ukuthi ngesikhathi ekubo waya enyangeni yamtshela ukuthi ngeke amthole amaphoyisa.
Uthi indlala iyona emenze wabuya lapha eSouth Africa.
