AMACIKO ASE-KZN ELULEKE ABAFUNDI NGOKUBALULEKA KWEMFUNDO

UT’ZOZO eyala abafundi ngobumqoka bokufunda

.
UDULAS elandisa abafundi ngokuqala kwakhe ukulingisa. IZITHOMBE: SPHA MBHELE
NOMCEBO NGEMA
AMACIKO aKwaZulu-Natal atshele abafundi ngokubaluleka kwemfundo nomvuzo omuhle owutholayo uma ungazinaki izinto zomhlaba.
Amaciko akhulume lokhu namhlanje, ngesikhathi ephelezele uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, eyonikela ngezicathulo ezingama-500, ezikole eziyi-6 ezingaphansi koMkhandlu iKing Cetshwayo.
UThokozani Zulu odume ngelika-T’zozo onguSihlalo wamaCiko KwaZulu-Natal, uyale abafundi ngokuthi baziqhelelanise nezinto zomhlaba, bagxile kwimfundo ngoba yonke imikhakha ekhona idinga umuntu ofundile. Ugxeke kakhulu isenzo sothisha abajola nezingane zesikole wathi babulala ikusasa lezingane, ngoba nakhu bona sebephumelele.
Ugxeke amantombazanyana esikole azifunela othisha wathi uthisha usuke emele umzali. “Zingane zami bikani ngabesilisa abaninyukubezayo uma bekhona, musani ukuthula ngoba lowo muntu usuke ebulala ikusasa lakho. Bikela uthisha omthembayo noma umuntu omthembayo,” kusho uT’zozo.
US’bonakaliso Mazibuko ongowokuzalwa kwaCeza, Olundi odume ngelika-Dulas kumdlalo Amalanga Awafani ku-SABC1 utshele abafundi ukuthi ulapha akhona namhlanje kungenxa yesikole. “Ngiqale ukulingisa ngisesikoleni kwakuyi-fun day ngilingisa uthisha owayeshaya futhi esatshwa esikoleni. Konke kwaqala lapho kuze kube imanje,” kusho uDulas.
Amanye amaciko abephelezele uNgqongqoshe kubalwa uGebho wamahlaya, uSosha, uBullestic, uSparks Bantwana, uSiyabonga Sangweni (Nsimbi) osathi khumu ebholeni nabanye abaningi.
