I-BAFANA IKHIPHE ISIKHWAKHWALALA NGE- RWANDA

Kufezeke iphupho kwiBafana ibhekisa indawo kwiNdebe yomhlaba
ISITHOMBE : FarPost
MALIBONGWE MAZIBUKO
KUJABULE nesinedolo eNingizimu Afrika, kulandela ukuthi iBafana Bafana ikhiphe isikhwalala ngeRwanda, yadlulela kwindebe yomhlaba namuhla, eMbombela Stadium.
Kuzokhumbuleka ukuthi bese kuphele iminyaka eyi-15 iBafana Bafana ingakaze ithole ithuba lokuba inxenye yomuqhudelwano we FIFA World Cup, nangonyaka ka-2010 uyangena ngokuthi yayisingethe le midlalo.
Namuhla is iqophe umlando omusha wokungena ngamaphuzu ezikhwepha zayo, nakuba ikeyaphucwa amaphuzu
Umlando omusha ngokubhaxabula iRwanda ngamagoli amathathu eqandeni (3-0), ngomdlalo wokugcina obumqoka.
IBafana ihole uGroup C ngephuzu elilodwa, ilandelwa iNigeria ezibeke ethubeni lokuyodlala ama-Play offs.
IBafana Bafana isizobhekisa ababombo kumqhudelwano olandelayo we Africa Cup of Nations ozoqala nje ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.
