YETHUSE ABANINGI EYOMGCWABO KA-VUSI NOVA

UHLELO lomgcwabo kaVusi Nova.

UVUSI Nova odide abaningi eqopha ivideo yomngcwabo wakhe. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
ISIHLABANI somculi wakuleli ongaconsi phansi, ngenxa yamanoni ezingoma zakhe zothando, wenze okungajwayelekile ngesikhathi ebonga impilo, ngokuqopha ivideo yengoma yomngcwabo wakhe esihloko sithi “uma ngingasekho”.
UVusi Nova oneminyaka engama-40 ubudala , uthuse abaningi ngesikhathi kusabalala ivideo yengoma yakhe ezinkundleni zokuxhumana, eveza umgcwabo wakhe futhi wenziwa inkampani yabangcwabi iCebolethu Funerals.
Indlela le video eqoshwe ngayo ikhalisa abaningi, kunezithombe zakhe uVusi, abangani bakhe ababonakala bedinda isililo, ibhokisi lomgcwabo futhi kukhuluma nomngani wakhe omkhulu uMoshe Ndiki.
Abanye abangani bakhe ababonakala kule-video umlingisi uLuthuli Dlamini, Anele Matoti, Ayanda Makayi no-Andile Nebulana nabanye osazowayo abaningi.
Echaza ngale-video uVusi uthi, “Ngifuna lo mzuzu usikhumbuze ukuthi kufanele siphile, sithande ngokujulile, siphinde sibonge isipho somphefumulo esiwuphefumulayo,” kuchaza uVusi.
Lo mgcwabo kaVusi ushuthelwe emathuneni ase-Fourways Memorial Park, okuyindawo eyaziwa njengokungcwatshelwa kuyona omtakabani, okubalwa amalunga omndeni akwaMandela.
UVusi uveze nokuthi abalandeli bakhe abalindele i-EP yakhe esihloko sithi Here To Stay ezophuma maduze.
