Uncategorised

UBHEKWE NGABOMVU OWEZINKAKHA ZASE-SOWETO

ILEGENDS Derby izovuselela umbango womlando eMoses Mabhida Stadium
ISITHOMBE : PUZZLE PICTURES

MALIBONGWE MAZIBUKO

ABALANDELI bebhola lezinyawo balindele umdlalo osezingeni eliphezulu njengoba kuzogadulisana izinkakha ezazigijima ezimbangini zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates emdlalweni owaziwa ngeleLegends Derby eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngomhlaka 29 kuNdasa 2026.
Lo mdlalo uhlelwe ngaphansi kweiqubulo esithi “Kick It With the Legends”. Kuhloswe ngawo ukugubha umlando oqinile nongapheli walamaqembu amabili adume kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika. Umdlalo kulindeleke ukuthi uqale ngo-15:30, kanti kubhekwe ukuthi udonse inqwaba yabalandeli abafisa ukukhumbula izikhathi esezadlula zombango phakathi kwala maqembu.
Amathikithi eLegends Derby azotholakala ezitolo zakwa-SPAR nasezikhungweni zakwa-Ticketpro. Amathikithi asezingeni le-“early bird” abiza u-R80, kanti amathikithi okungena jikelele abiza u-R200. Lokhu kuhlinzeka abalandeli ngezindlela ezahlukene zokungena kulo mcimbi nendawo ehlaba umxhwele yaseMoses Mabhida Stadium kanye nesithembiso sokubona izinkakha zebhola zibuyela enkundleni. ILegends Derby kulindeleke ukuthi ibe ngomunye wemidlalo emikhulu yebhola lezinyawo ekhalendeni lezemidlalo lango-2026.