
BELICOKEME IZINGA KOWAMA-DBF EXCELLENCE AWARDS

AMAZIZI anqobe emunxeni weWomen Owned Business Award. IZITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY
AKHONA DLAMINI
UMASIPALA weTheku uhloniphe osomabhizinisi nabasunguli bamabhizinisi abaklama indima ebalulekile ekuthuthukiseni umnotho nasekudaleni amathuba emisebenzi emcimbini wamaDurban Business Fair (DBF) Excellence Awards, obuseDurban Exhibition Centre.
Lo mcimbi ubuhlanganise amaDBF Excellence Awards, iLions Den Business Plan Competition kanye namaDurban Fashion Fair Recognition Awards, lapho amabhizinisi angama-24 athole khona imiklomelo nokwesekwa .
Imiklomelo ibisukela ku-R10 000 Iya ku-R60 000, ukwesekwa okuphelele okutholwe osomabhizinisi kufinyelele kwimali eyi-R800 000.
Le mali ibekelwe ukusiza amabhizinisi ngezidingo ezahlukene, okubalwa kuzo ukuthenga imishini nokuthuthukisa ukusebenza kwawo.
IMeya yeTheku, uCllr Cyril Xaba ithe le miklomelo ikhombisa ukuzibophezela kukaMasipala, ekwandiseni amabhizinisi abambe iqhaza emnothweni womkhandlu nowesifundazwe.
“Besihlonipha ubungcweti nobunkunzi bosomabhizinisi. Siqinisekisa ukuzibophezela kwethu ekuthuthukiseni amabhizinisi amancane naphakathi, ngokwenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uyahlomula emnothweni,” kubeka uXaba.
Phakathi kwabaphumelele kubalwa iPlastimed Packaging, ehlomule ngendondo yeDBF Excellence Award, iMM Clothing ethole iRural and Township Based Business Award, kanye ne-Amazizi Leatherworks ethole i-Women Owned Business Award. Emkhakheni wezobuciko nemfashini, uSibu Msimang uqokwe njengoDurban Designer of the Year, kanti uMartin Bespoke uthole iFashion Innovator Award.
