Uncategorised

KUMISWE IZIBONELELO EZINGU-70 000 ZABAHOLA IMALI NGOKUNGEMTHETHO

U-SASSA uthi uyaqhubeka nokusebenzisana nezinye izikhungo ukuze kubanjwe abahola isibonelelo kungafanele. ISITHOMBE: SASSA

NOMCEBO NGEMA

ABAKWA-SOUTH African Social Security Agency (SASSA), babambe abantu abangama-70 000 abahola ngokungemthetho imali yesibonelelo sikahulumeni kuleli.

Le nhlangano ithi imise izibonelelo ezifinyelela ku-70 000 ezweni lonke, ngenhloso yokubukeza izindlela zokulawula nokwenza isiqiniseko sokuthi zonke izibonelelo zitholwa ngabantu abafanele kuphela.

“Lezi zibonelelo zimiswe ngoba kunabantu abaziholayo kodwa abahlulekayo ukuhambisana nenqubo yokubuyekezwa nokuqinisekisa ukuthi basaphila. Lokhu sikwenze ngoba sivikela imali zikahulumeni nokugwema ukusetshenziswa ngendlela engafanele kwezinsiza,” kusho abakwaSASSA kwisitatimende.

UMnuz Themba Matlou oyisikhulu esiphezulu kwaSASSA, uthi ngonyaka wezimali ka-2025/26 bahlele ukubuyekeza izibonelelo ezingama-420 000 ngoba ezingu- 240 000 kuya phezulu sezihloliwe, futhi konge imali elinganiselwa ku-R44 million ngenyanga.

Uqhube wathi baqinise ukubambisana kwabo nezikhungo ezifana no-SARS, amabhange, no-NSFAS ukuze kuhlonzwe labo abahola kungafanele.