Uncategorised

AMATHUBA OKWENZA OSOMABHIZINISI NGOKUKHUCULULA KWANONGOMA

UPHAKELUMTHAKATHI oshayelwa ihlombe abaningi ngokususa ngokuthula abokufika edolobheni laKwaNongoma.

KUNGESIKHATHI ehlanza idolobha lakwaNongoma
IZIITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

INSIZWA yaKwaNongoma uNkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba ongundabamlonyeni kulezinsuku ngokuhlanza idolobha, ngokukhipha bonke abokufika abakuleli ngokungemthetho kuleli.
Ukubeke kwacaca ukuthi akekho ozozihlomulisa ngemvunulo ongayena wakuleli, ikakhulukazi laba abangenazo izincwadi zokuba kuleli okanye abangenazo izimvume ezibagunyaza ukuthi babenamabhizinisi kuleli.

Inkulumo ayenze ekhasini lakhe ku-Facebook uqinisekise ukuthi uzosebenzisana nethimba lakhe, namanye amalungu omphakathi ukuqinisekisa ukuthi bonke bayahamba. Uthi umnotho wakwaNongoma kufanele uzungeze abantu baseZululand nezindawo ezingomakhelwane.

Uqhube wathi zonke izingane zamantombazana ebezisebenzela abantu bokufika abangenazo izimvumo zokuba kuleli , bazozilekelela ukuthi kube yizo eziba nobunikazi bezitolo noma amabhizinisi ebezisebenza kuwo ngoba vele umsebenzi ziyawazi. “Lapha ngibala izindawo zokucwala amakhanda, izitolo zo-shwarma, izitolo ezidayisa ukudla nezinto zabesifazane zokuziphophotha njalo njalo. Zonke izinsizwa ezithanda iSilo uMisuzulu KaZwelithini sizozihlelela ukuthi zizikhandele amatoho njengokudayisa imfuyo, izinkukhu zenyama, zamaqanda, izitolo zomgxabhiso noshisanyama,” kuqhuba uPhakelumthakathi.

Usho nokuthi esikhathini esingangeminyaka emibili kusuka manje, ayikho insizwa ehamba izinto zeSilo efundile noma engafundile ezobe ingakwazi ukuzondla nokunakekela umndeni wayo.