KUQHUME UMKIKIZO KUFA IZIGELEKEQE ENANDA

UMBIKO: ANELE ZUMA
KUQHUME umkikizo kuphakathi waseNanda kulandela ukulala ufa kwezigelekeqe eNanda, zitholana phezulu ngezulu lezandla nabakwasidlodlo, izolo.
Ilungu lomphakathi lithe sebefisa nokuyozibonela ukuthi ngabe zife ngempela lezi gelekeqe ebezibahlalise lubhojozi.
“Kulezi zigebengu ezifile bekunengqondo wazo. Yazi kuyumanje asikakholwa sijabula sisibuyele nganeno ngoba asikakaziboneli ukuthi ufile ngempela yini. Luphume nobovu kuthina ngokufa kwazo,” esho.
Kulesi sigameko kufe abasolwa abathathu okukholakala ukuthi ngabeqembu ezigelekeqe, okusolakala ukuthi bayabandakanyeka kumacala okubulala endaweni yaseAmaoti e-Inanda.
Okhulumela amaPhoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko sokubulawa kwezigelekeqe endaweni ebizwa ngokuthi iseZimbabwe e-Amaoti, entshonalanga yeTheku.
“Abasolwa bavulele ngenhlamvu ngesikhathi abakwasidlodlo besondela endlini okukholakala ukuthi bebecashe kuyo. Amaphoyisa abe esebuyisela, okuholele basale enkundleni,” kusho Col Netshiunda.
Uthe alikho iphoyisa elilimele kulesi sigameko.


IZITHOMBE:SAPS
