Uncategorised

IBHEKENE NGEZIQU ZAMEHLO KUMALUNGA E-ANC ASEZIKHUNDLENI EZIPHEZULU

UDKT Nkosazana Dlamini-Zuma osola uMbalula ngokuthenga amavoti ngonyaka ka-2022.

UFIKILE Mbalula usezidlulisele kubameli bakhe lezi zinsolo ezenziwe. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UNOBHALA Jikelele wombutho we-African National Congress (ANC), uFikile Mbalula uchitha izinsolo ezenziwe uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, zokuthi wasebenzisa imali ukuze aqokwe kwingqungquthela yokhetho lwe-ANC ngonyaka ka-2022, eNascrec.

UDkt Dlamini-Zuma ubekhuluma kwi-African Renaissance Postcast, exhaswe iThabo Mbeki Foundation, lapho esole uMbalula ngokuhambisa imali phambili ukuze athole ukwesekwa. Ngesikhathi eziphendulela UMbalula, uthe lezi zinsolo zibuhlungu futhi zilimaza isithunzi sakhe.Uveze ukuthi kuleya ngqungquthela wakhethwa ngokukhululeka, nangobulungiswa ngenqubo yokuvota eyimfihlo ehambisana nomthethosisekelo we-ANC.

“Sengixhumene nabameli bami ukuze bafune izincazelo ngalezi zinsolo ezenziwe nguDkt Dlamini-Zuma,” kusho uMbalula.UNgqongqoshe wezoBudlelwano naMazwe angaPhandle uRonald Lamola, ucele uDkt Dlamini-Zuma ukuthi ahoxise lezi zinsolo ngoba naye wayebandakanyeka ekuthengeni amavoti.ULamola uthe uma uDkt Dlamini-Zuma engazihoxisi lezi zinsolo, angase athathe izinyathelo zomthetho.