U-NTULI UYALE ABALWA NOBUGEBENGU NGOKUNGAWUPHULI UMTHETHO

AMALUNGA aqapha ubugebengu emphakathini ebegcwele ihholo.

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ekhuluma namalunga aqapha ubugebengu emphakathini. IZITHOMBE: GCINA NDWALANE
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uyale amalungu alwa nobugebengu emphakathini, ngokungawuthathi umthetho awubeke ezandleni zawo, uma ubamba isigebengu, ngesikhathi kune-Oparation Sukuma Sakhe, eSilahla eRichmond izolo.
Uhlelo i-Operation Sukuma Sakhe, uwuhlelo lukahulumeni nekhabhinethi yakhe, lokuziyela kubantu beyolalela izingqinamba ababhekene nazo.
UNdunankulu uNtuli utshele lawa malunga ukuthi abe amalunga enza izinto ngomthetho, ngoba akafuni bengcolelwe izithupha.
“Nakuba behla ubugebengu kodwa ngikhathazekile ngokudloba kwamacala okudlwengula, udlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane kanye nawokungenelwa kwabantu ezindlini baphucwe abanakho. Ngizohlela umhlangano wezinsuku ezimbili nosihlalo bamalunga aqapha ubugebengu emphakathini ngenhloso yokuthi bathole uqeqesho ukuze benze umsebenzi abawuqondayo,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uphinde wakhala ngamaphoyisa ahlupha ngokuthanda imali, aze asebenzisane nezigilamkhuba. Uthi abantu abampimpe. “Kuyathusa futhi kuyihlazo ukuthi kunamaphoyisa asebenzisana nezigebengu ezishushumbisa izidakamizwa, ekubeni wona enza isifungo ngesikhathi ethatha lo msebenzi. Kuthiwa amaphoyisa iwona akhipha imininingwane yokuthi ubani ubikeni kuwona ebese impilo yalowo muntu iba sengcupheni,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
