Uncategorised

UMKHANKASO WOKUTHUNGATHA ABALAXAZE IMISHANGUZO YENGCULAZI E-KZN

IMISHANGUZO yesandulela ngculazi eduve emitholampilo nasezibhedlela ngenxa yokungalandwa.

UNGQONGQOSHE uNksz Nomagugu Simelane ukhathazekile ngabantu abalaxaze imishanguzo. IZITHOMBE: KNZDOH

NOMCEBO NGEMA

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal, oholwa uNksz Nomagugu Simelane uphume umkhankaso wokuthungatha abantu abalaxaze imishanguzo ethithibalisa igciwane lengculazi. Lo mkhankaso uzoqhubeka kuze kube uZibandlela kulonyaka njengoba kuvele ukuthi bangaphezu kuka-101 000 abantu bakulesifundazwe, abangasayilandi emitholampilo nasezibhedlela imishanguzo yabo.

UNgqongqoshe uNksz Simelane uthe kusukela uqaliwe lo mkhankaso sinyukile isibalo sabantu abangasayilandi imishanguzo safinyelela ku-210 000, ekubeni bebelindele ukuthi kutholwe abangu-116 000 kuphela. “Siyajabula ukuthi abantu abaningi bayawuthakasela umjovo wokuvikela ukutheleleka ngegciwane lengculaza, iLenacapavir ojovwa kabili ngonyaka kodwa sikhathazekile ngalaba asebesulelekile ngegciwane abangasayilandi imishanguzo yabo. Sizoqhubeka nokukhuthaza ukusoka, ukusetshenziswa kuka-PrEP nokuhlolwa kwegciwane emitholampilo, nasezibhedlela zethu,” kusho uNgqongqoshe uNksz Simelane.

Uqhube wathi kulo nyaka umnyango uzophinde uqashe odokotela abangama-50, amanesi nabasebenzi ukuze kuqiniswe izinsiza zezempilo esifundazweni.