Uncategorised

UBUTHELEZI NESICELO SOKWAKHIWA KWESICHUSE SIKA-MANGOSUTHU

UNGQONGQOSHE uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngesikhathi ethula inkulumo yakhe.

UMNTWANA waKwaPhindangene iNkosi Mangosuthu Buthelezi ophinde abe uMengameli we-IFP. IZITHOMBE: KZNCOGTA

NOMCEBO NGEMA

KUPHONSELWE inselelo uMasipala weTheku, ukuthi wenze isichuse sokuhlonipha uMntwana wakwaPhindangene, njengoba aklama indima enkulu umlando nasekuthuthukiseni leli dolobha.
Lokhu kucelwe uNgqongqoshe woMnyango weZokubusa Ngokubambisana neZindaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi lo mnyango uklomelisa bonke omasipala abenze kahle esifundazweni, ngoLwesine e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.

UNgqongqoshe uButhelezi uveze lokhu, kulandela ukuthi uMasipala weTheku uhloniphe loyo owayenguMengameli wakuleli kahulumeni, uDkt Nelson Mandela noMnuz Oliver Tambo ngesonto eledlule eThekwini.
Uthi lezi zichuse aziphelele uma singekho esikaMntwana ngoba wayeyibhuloho phakathi kwe-African National Congress (ANC), ngesikhathi kudingiswe u-Oliver Tambo nombuso omusha wentando yeningi kaMengameli uMandela.

“Ngiyahambisana kakhulu nalezi zichuse, kodwa aziphelele kushoda esikaMntwana wakwaPhindangene okunguyena owagcina umzabalazo uphila eNingizimu Afrika, ngesikhathi umbuso wobandlululo ubathulisa bobabili uTambo noMandela.
Ukuumhlonipha uMntwana nezinye izingcweti zenkululeko kuzoqinisekisa umlando, obandakanya wonke umuntu oqhakambisa ubuholi obuhlangene obabumba isizwe,” kusho uNgqongqoshe uButhelezi.