Uncategorised

UPHONSELE INSELELO ABASEBENZA NGEZINCWADI UKHAWULA

UNGQONGQOSHE uMnuz uMntomuhle Khawula exhawula uMbhali nomxoxi wezinganekwane uNkk Gcina Hlophe noMeya kaMasipala wesifunda saseMgungundlovu uMzi Zuma. ISITHOMBE:KZNDSAC

PRO NDLOVU

UBE impumelelo umcimbi wokwethula ngokusemthethweni iSouth African Library Week, obewubanjelwe eCity Hall eMgungundlovu. Lomcimbi bewuhlelwe uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kuZwelonke, inenhlangano eyengamele imitapoyolwazi iLIASA, noMasipala uMsunduzi. Kanti isonto lokubungazwa kwezincwadi lizokuba kusasa ziyi-16 kuya zingama-22 kuyo lenyanga uNdasa. Isiqubulo sakulonyaka salombungazo owenzeka izwe lonke sithi ‘Reclaiming Knowledge, Empowering Futures’ nokugqugquzela ukufakwa kolwazi kwabancane ukuze kugcinwe ikusasa.

UNgqongqoshe Wezemidlalo ezobuCiko Namasiko, uMnuz Mntomuhle Khawula, obekunguye othula inkulumo yosuku, uphonse inselelo kwabasebenzi kuma-Libraries, ukuthi makube ibona abahambela umphakathi bangalindi uze kubona. “Siphila esikhathini lapho ezobuchwepheshe sezisetshenziswa kakhulu okudlula imitapoyolwazi, ingakho ke nina enisebenza khona kumele kube yinina eniya ezikoleni, futhi kube inina eniya emphakathini nibethulele izinhlelo eninazo niphinde nibanxenxe ukuthi bezofunda bathathe izincwadi. Wagcina nini nje ukubona uthisha wangakini eze eLibrary? Kumele nibalande kwabona”, kusho uKhawula.
Uphethe ngokuthi basezinhlweni zokwethula imitapoyolwazi cishe kuzozonke izindawo engenazo, futhi kulindeleke ukuthi uphele lonyaka sebeluqedile loluhlelo.