USANDILE ZUNGU UBONGA UNTULI NGOKWESEKA AMAQEMBU EBHOLA ASE-KZN

UMNUZ Sandile Zungu ephakamisa indebe ye-KZN Premier’s Cup abakhale bemuka nayo.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli obongwe ngumengameli waMaZulu, uSandile Zungu, ngokweseka amaqembu ebhola aKwaZulu-Natal.

ABALANDELI boSuthu ebebephume ngobuningi babo bezokweseka leli qembu. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
UMengameli weqembu lebhola Amazulu FC uthi sebekulungela ukudlala abadlali abathengiwe nababolekiwe, njengoba kucace abafana ezinqweni, ngesikhathi AmaZulu, eba ngamashampiyoni kwiPremier’s Cup 2026, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, namuhla.
U Zungu ube esebonga uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, nohulumeni wesifundazwe ngokweseka umbhidlango, okwenza le midlalo ukuze lawa maqembu abone ukuthi aseyilungele isizini. UZungu uthe kuyabathokozisa ukuthi badlale kwi-KZN Premier’s Cup bayinqoba kulonyaka.
“Kusihlabe umxhwele kakhulu ukuthi siyiphakamisile inkomishi. Okunye okusijabulisile ukuthi sikwazile ukubona abadlali esibasayinile ukuthi uma sesisemqhudelwaneni bazokwazi yini ukufika lapho esifuna bafike khona. Besicele nabanye abadlali ukuthi bazozibonakalisa futhi laba badlali singase sibasayine nabo. Akekho umdlali woSuthu ongalitholanga ithuba lokuthi azibonakalise kulempelasonto, obekuyiyona nhloso yale- Premier’s Cup. Kuphinde kwasijabulisa ukuthi abanye abadlali esibasayine kwamanye amaqembu njengeSiwelele, iStellenbosch FC, befike bathi khaxa eqenjini okwenza leli qembu lenze kahle,” kusho uZungu .
Uthi kulesizini uSuthu luzozibonakalisa ukuthi lusemqhudelwaneni. “Le sizini izoba yinhle kakhulu ikakhulukazi njengoba emasontweni ambalwa ezayo sizodlala kwi-MTN Cup neS’khukhune, lapha ekhaya okungenzeka siyiqukule indebe futhi sizimisele ukuyiqukula. Sijabule kakhulu ngendlela esizilungiselele ngayo isizini,” kuphetha uMnuz uZungu.
