Uncategorised

AWULIBONANGA ELIDLALAYO UMVOTI FC USHAYWA YI-ASANDE FC

UMVOTI FC ukhale ngaphansi uguqiswa yi-Asande FC kowe-ABC Motsepe League.
ISITHOMBE: Umvoti FC

KUBE yimpelasonto egcwele izigigaba emidlalweni ye-ABC Motsepe League Stream A lapho Umvoti Football Club uhlulwe ngo 1-0 yi-Asande Football Club okuwumphumela ongaba nomthelela omkhulu emjahweni wesicoco.
Umvoti FC ubungene kulo mdlalo uhleli esicongweni se-log ngamaphuzu ayi-50. I-Asande ithole igoli elilodwa eliyenze yathola amaphuzu ngemva kwephutha elincane lokungagxili kahle koMvoti. Yize Umvoti wakhe amathuba amaningi, uhlulekile ukushaya igoli lokulinganisa kwaze Kwaphela umdlalo.
Ngakolunye uhlangothi, izimbangi, iNjampela FC zikhombise amandla ngokushaya Ulundi United ngo 4-1 eMelmoth Stadium. Lokhu kunqoba kuqinise amathemba eNjampela njengoba iqhubeka nokucindezela Umvoti esicongweni.
Ngemuva kwale miphumela, Umvoti FC usahleli esicongweni ngamaphuzu angu-50, kodwa umehluko sewehlile waba ngamaphuzu amathathu kuphela, njengoba iNjampela FC isinamaphuzu angu-47.
Njengoba imidlalo isiyaphela, umjaho wokunyukela esigabeni esiphezulu uya ushuba kakhulu. Umvoti kuzomele ubuyise ukuzethemba ngokushesha uma ufuna ukuqhubeka nokuhlala esicongweni, kanti iNjampela izozama ukuqhubeka nomfutho wayo njengoba umqhudelwano usuyela emaphethelweni.