KUQASHWE OTHISHA ABAYI-500 E-KZN

UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka. ISITHOMBE: KZNDOE
NOMCEBO NGEMA
BAZOQALA ukusebenza mhla lulunye kuMbasa kulonyaka othisha abangama-500 baka-Grade R, abaqashwe uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka, othe lesi sinyathelo esiqinisa isigaba sokuqala sokufunda, futhi siyingxenye yokusebenzisa iBela Act, eyenza uGrade R ube yimpoqo.
Uthi kulindeleke ukuthi lokhu kuthuthukise izinga lokufunda, kwehlise isibalo sabafundi kuthisha oyedwa, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.
Inyunyana yothisha KwaZulu-Natal iNAPTOSA, ithi ukuqashwa kothisha sekubambezeleke isikhathi eside, kodwa iyasamukele lesi sinyathelo, iphinde yaphakamisa ukuthi ifuna ukuqashwa kothisha okwengeziwe.
ISADTU ithi baningi othisha abasalinde imisebenzi, i abanye sebelinde iminyaka engaphezu kweyisi-9 ekubeni izikhala zokushoda ezikoleni zikhona.
