KUQHATHWE AMAQEMBU AZOGIJIMISANA KWI-KZN PREMIER’S CUP

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli nendebe ye-KZN Premier’s Cup 2026.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli, uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula nezikhulu zamaqembu aKwaZulu-Natal azodlala kwi-KZN Premier’s Cup 2026. IZITHOMBE: GCINA NDWALANE
NOMCEBO NGEMA
AQHATHWE ngokusemthethweni amaqembu ebhola ayisithupha aKwaZulu-Natal, azodlala emqhudelwaneni waminyaka yonke iKZN Premier’s Cup 2026, lokhu kwenzeke ngesikhathi yethulwa ngokusemthethweni eLangeni Hotel, eThekwini, ngoLwesine.
Lawa maqembu ayithemba leKwaZulu-Natal esigabeni esikhokhelayo sePremier Soccer League (PSL), ayi-5 okuyi-Lamontville Golden Arrows, AmaZulu FC, Durban City FC, Richards Bay FC neMilford FC ayibambe kwiBetway Premiership, kuthi iMidlands Wanderers idlala kwiMotsepe Foundation Championship. Imidlalo izoqala kusukela mhla ziyi-25 kuya ku-26 kuNtulikazi, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, nasePrincess Magogo Stadium, KwaMashu lapho okuzogijinyelwa khona owamanqamu.
Iqembu elizonqoba ilona elizokhala lemuke nendebe yakulonyaka, kanti nyakenye yanqotshw iRichards Bay ezobe ivikela indebe.UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthe ezemidlalo ziyalekelela ukuthi umnotho wendawo uthuthuke. “‘Uma sikhuluma ngamathuba, sikhuluma ngezinto ezenzekayo ngoba ngesikhathi abantu besuka kwezinye izindawo beza lapha, lokho kuyawuthuthukisa umnotho. Ngalezi zemidlalo kuhlomula abezindawo zokulala, imboni yezokuthutha nosomabhizinisi abancane. Njengoba le midlalo izoba semalokishini, ilapho ithalente elikhona futhi okunabalandeli abaningi bebhola. Izikhulu zebhola, abaqeqeshi, abadlali ngaphambi kokuthi kuqale le midlalo, bazovakashela ezikoleni lapho bezoqeqesha khona izingane ngezemidlalo. Abafundi abangabadlali bazothola ithuba eliyinqayizivele lokubuka abantu ababukela kubona bedlala ukuze nabo bakhuthazeke,” kusho uNtuli.
Uqhube wathi isifundazwe iKwaZulu-Natal siyakholwa ukuthi uma singaqinisa kwezemidlalo wonke amakhona esifundazwe kudlalwe, singaba nentuthuko enkulu engalethwa ezemidlalo esifundazwe.
Imidlalo yePremier’s Cup imi kanje:25 Julayi eSugar Ray Xulu StadiumLamontville Golden Arrows vs Milford FC (10am)Durban City vs Richards Bay (1pm)AmaZulu vs Midlands Wanderers (4pm)
