KUKHALWA NGO-NALEDI APHIWE OLAHLEKELWA INHLONIPHO

UMCULI uNaledi Aphiwe obepikwe amahlandla amabili kowama METRO FM Awards. ISITHOMBE: FACEBOOK

IQEMBU iLadysmith Black Mambazo elikhale lemuka nendondo. ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
SEKUQUBUKE umsindo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuthi umculi uNaledi Aphiwe, ebhale umbhalo ojivaza iqembu lomculo lesicathamiya iLadysmith Black Mambazo.
Lokhu kulandela ukuthi iBlack Mambazo ikhale yemuka nendondo ebeyiqhathwe kuyo noNaledi, kuma Metro FM Awards ngempelasonto. UNaledi ukhale ngaphansi kuwo wonke amahlandla ebeqokwe kuwona, ube esebhala umbhalo othi, “Kushukuthi leli qembu livotelwe omkhulu nogogo emathuneni. Yini yona leyo iBlack Mambazo?,” kusho umbhalo kaNaledi.
Ngesikhathi ebona ukuthi abantu abawenameli lo mbhalo ube esewususa.Abantu bamtshele ukuthi akafunde inhlonipho ngoba bazophuma kuyena uma eqhubeka ngale ndlela, njengoba ebengaqali ukuphuma esandleni.
