Uncategorised

UNDLOZI UFUNA UMKHWANAZI AQHOQHOBALE ESIKAZWELONKE

UMBUYISENI Ndlozi obhalele uMengameli wezwe incwadi.

UMKHUZI waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi okucelwa ukuthi abe uMkhuzi waMaphoyisa kuzwelonke. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

OWAYEYILUNGA lePhalamende kwiqembu le-Economic Freedom Fighters (EFF) uMbuyiseni Ndlozi, ubhalele uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, emcela ukuthi aqoke uMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ukuthi kube nguye uMkhuzi waMaphoyisa kuzwelonke.

UNdlozi uthi uMkhwanazi waziwa ngokusebenza kanzima ekulweni nobugebengu, futhi akazesabi izigebengu, yingakho ecela ukuthi kube nguye uMphathi waMaphoyisa kuzwelonke, kuthi uGeneral Fannie Masemola okunguyena ophethe lesikhundla amiswe.

Uqhube wathi umphakathi uyameseka kakhulu, futhi uyamethemba ngenxa yomsebenzi wakhe omuhle wokulwa nobugebengu.
Uphinde waveza ukuthi ukuqokwa kukaMkhwanazi kungasiza ekubuyiseni ukuzethemba komphakathi, isemaphoyiseni nasekulweni nobugebengu obukhungethe izindawo eziningi kulelizwe.