Uncategorised

KWETHULWE USONKONTILEKA OZOKWAKHA UMGWAQO EFILIDI

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi ngesikhathi ethula ngokusemthethweni usonkontileka ozokwakha umgwaqo. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

KWETHULWE ngokusemthethweni usonkontileka ozokwakha umgwaqo oyibhuqu, endaweni yaseSigangeni ku-ward 2, ngaphansi kukaMasipala waseBaqulusini.

Lo sonkontileka uthulwe iMeya uCllr Sifiso Mkhwanazi, ihambisana nePhini lakhe uCllr Sakhayedwa Siyaya, uSomlomo uCllr Nonkululeko Ndlela, amalunga esigungu esiphezulu, amakhansela kanye noMqondisi obhekele uMnyango wengqalasizinda uMnuz Nathi Mbongwa.

IMeya iphinde yanikela ngejezi lebhola lezinyawo nelomnqakiswano, umshini wokuthunga, nowokugunda utshani ukuze abantu bazithuthukise bona, nezindawo abahlala kuzona.