
BENZE EZIBUKWAYO OGOGO BASE-KZN KWELIKANOBHUTSHUZWAYO

I-ESIKHAWINI Golden Girls FC idlala kuma quarter finals ezinkundleni zeNike Stadium eSoweto.
AKHONA DLAMINI
BAKHOMBISE ikhono elimangalisayo emqhudelwaneni kazwelonke webhola likanobhutshuzwayo ogogo baKwaZulu-Natal. Lo mqhudelwano wabaneminyaka engaphezu kweminyaka engama-60, ebizwa ngeGogos National Soccer Tournament obumhla ziyi‑3 kuya ku‑4 kuMfumfu 2026 eNike Stadium, ePimville, Soweto.
Le midlalo ibisingathwe yiSoweto Senior Citizens League, inamaqembu ayi‑16 avela kuzozonke izifundazwe.IKwaZulu-Natal ibigadle ngamaqembu amane okuyi-Esikhawini Golden Girls FC (King Cetshwayo District), Durban Grannies FC kanye Little Stars (eThekwini), kanye Pietermaritzburg Grannies (uMgungundlovu). Kuthe sekufikwa kuma quarter final kwawela i-Esikhawini Golden Girls FC, iDurban Grannies FC kanye neLittle Stars. I‑Durban Grannies yathola indawo yesibili ngemuva komdlalo onamandla neMpumalanga Grannies.
“Ukubona abantu abadala besesimweni esihle kangaka, behlelekile futhi bezinikele emidlalweni, kukhumbuza ukuthi ezemidlalo zidlala indima enkulu ekugcineni impilo yengqondo. Ezemidlalo zisiza ogogo ukuba bahlale bephilile, bejabulile futhi bekhululekile bengenangcindezi,” kusho uNkk Nonkululeko Mkhonza ongumphathi nomqeqeshi we-Esikhawini Golden Girls.
UMkhonza uthe uyafisa ukuthi ngesikhathi kugxilwa kwabadala, kube khona nohlelo oluqondene nabadlali abaphakathi kweminyaka (35‑59), ukuze nabo babe nesakhiwo kanye neligi ebasebenzayo. “Sicela uhulumeni kanye nezinkampani ezizimele ukuthi zisekele ngezezimali. Sidinga inkundla ezamukela abadlali besifazane ngemuva kweHollywood,” esho. Okhulumele abahleli beGogos National Soccer Tournament uCoach Salome, uthe lemidlalo ibuye ibhekane nezingqinamba zalapho kuqhamuka khona abadlali .
“Ngibonga ukuthi abantu bazinikele badlala ngokuhloniphana, okwenze imidlalo yaba impumelelo. Le midlalo igqugquzele futhi yazibophezela ekutheni iqhakambise ukubaluleka kokuphepha, nokulwa nalesihlava sokuhlukumezwa kwabesifazane nezingane, “esho.
