Uncategorised

ISILILO KUSHONA UQWEQWE LWE-LADYSMITH BLACK MAMBAZO

U- Albert Mazibuko oyilunga le-Ladysmith Black Mambazo, odlule emhlabeni. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

LIGQEMEKE engeqiwa ntwala iqembu lakuleli lesicathamiya elidume umhlaba wonke, iLadysmith Black Mambazo kulandela ukudlula emhlabeni koqweqwe lwelunga lawo, u-Albert Mazibuko oneminyaka engama-77 ubudala.

UMazibuko wazalelwa endaweni yase-Embuzweni eMnambithi, wajoyina leli qembu lesicathamiya ngonyaka ka-1969 esiza umsunguli walo uDkt Joseph Shabalala ongasekho emhlabeni.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe Kuvele ukuthi uMazibuko udlule emhlabeni izolo kusihlwa, ngemuva kokuxinwa ukugula isikhashana kwabe sekuyamenela.
UMazibuko bese kunguyena ubuso beqembu kanye nomuntu omdala obekhulisa abasebancane eqenjini.

Imininingwane yokubekwa kwakhe endlini yokugcina izomenyezelwa maduze.