Uncategorised

I-IFP YEMUKELA NGOKUSEMTHETHWENI ILUNGA ELIQAVILE LE-MKP

KUSUKELA ngakwesokudla uMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uDkt Bongani Mncwango olaxaze iMKP wajoyina i-IFP kanye noSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli. ISITHOMBE: IFP

NOMCEBO NGEMA

UMUKELWE ngezandla ezifudumele uDkt Bongani Mncwango ngesikhathi ephumela obala kuzona zonke izesheli ebezimfuna uthuli, waqoma Inkatha Freedom Party (IFP).
Ucu lukaDkt Mncwango lumukelwe ngokusemthethweni uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa namuhla emahhovisi alo leli qembu eThekwini.

UMengameli uHlabisa uthi lolu suku lukhulu kakhulu, njengoba bemukela umacekeceke welunga elisha le-IFP uDkt uMncwango. “Egameni le-IFP, sithi siyakwemukela ngezandla ezifudumele nezinhliziyo ezimhlophe. Iqembu le-IFP liyiqembu labantu bentando enhle. UDkt uMncwango unolwazi olunzulu njengoba eke waba umphathi omkhulu ezinkampanini ezihlukahlukene ezizimele kanye nezisebenza ngaphansi kokuvikela umphakathi. Abaningi bayazi ukuthi uDkt uMncwango ubenguMphathi omkhulu (CEO) kwa-Sanlam Health Insurance, waba u-CEO kwa-Netcare911, waba uManaging Director kwaBonitas Medical Fund Administration. Kwezokuphatha unolwazi olunzulu nkanjalo namaqhinga okusimamisa ibhizinisi, isikhungo noma inhlangano unolwazi olujulileyo,” kusho uMengameli uHlabisa.

Uqhube wathi bamemukela nawo wonke amakhono namagalelo anawo ukuze bacobelelane bakhulise i-IFP iye phambili.
Uveze ukuthi uDkt Mncwango, uqome kahle sebesemgqigqweni wokulungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya, amagalelo azofika nawo azobenza babe sezingeni elihle kakhulu ukuze abantu baqhubeke njalo nokubethemba.