USHELWA ELASE-MELIKA OWE-PIRATES

MALIBONGWE MAZIBUKO
IQEMBU lebhola i-Orlando Pirates seligixabezwe ngesicelo esinonile esingaphezu kwesamba sika-2 million wama-dollar ngethuba lokuyenga umdlali waleli qembu neBafana Bafana uRelebogile Mofokeng.
Lo mdlali osemncane ubengumonye wabadlali ababambe iqhaza ekubekeni i-Orlando Pirates endaweni yesibili kwiBetway Premiership, yafika kowandulela kowamanqamu kwi CAF Champions League bavikela nesicoco seMTN 8 ngesizini edlule.
UMofokeng useklonyeliswe ngezindondo zokuba umdlali osemncane ovelele amasizini amabili elandelana, lokho kumenze inyama emaqenjini amaningi angaphandle.
Iqembu lase United States of America eligijima kwiMajor League Soccer iMinnesota United ibeke isicelo senani eli linganiselwa ku 35 million wamarandi ngezinxoxo ezikhona phakathi kwamaqembu womabili.
Kuke kwasuka izinkulumo emva kokuhamba kuka Mohau Nkota owathengwa iqembu laseSaudi Arabia iAl Ettifaq Club ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi kudedelwe lomdlali kodwa uMofokeng yena engadedelwa ukuyothola amadlelo aluhlaza.
I-Orlando Pirates ibheke ukuvikela isicoco se MTN 8 okwesine, uma sebebhekene neMamelodi Sundowns ngempelasonto kumdlalo kowandulela kowamanqamu.
