Uncategorised

UMCIMBI WOKUVALELISA UZIMDOLLAR KWEYO-MASKANDI

UZimiphi “Zimdollar” Biyela ongumsakazi woKhozi FM, othi khumu ekuphatheni uhlelo emcimbini kaMaskandi
Isithombe: Facebook

AKHONA DLAMINI

UMCULI kaMaskandi uKhuzani Mpungose umemezele umcimbi wokugcina wokuvalelisa umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, uzobakuba seCarnival City, mhla ziyi-2 kuNhlaba.
Lokhu kuvele ngemuva kokuthi uZimdollar eveze ukuthi usethi khumu ekuphatheni imicimbi kaMaskandi, ngenxa yezinkinga zempilo nokukhathala komzimba. Uthe amadolo wakhe awasakwazi ukumelana nomsebenzi wokudansa nokusebenza esiteji njengoba iminyaka isihambile.

Uphinde wabonga kakhulu kubalandeli nabahleli bemicimbi, ebonga ukwesekwa akuthole kule minyaka esasendimeni. Uthe isikhathi sesifikile sokuthi aphumule kulolu hlobo lomsebenzi, yize esaqhubeka nokuba yingxenye yomkhakha yekwezokuxhumana.