Uncategorised

USEBEKE AMAKHOKHO ETHALA OWESEKHUKHUNE

UYALELWE ukuthi abeke amakhokhe ethala uRyan Baartman ngenxa yokulimala.
ISITHOMBE : Sekhukhune United

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMDLALI wasemuva weSekhukhune United, uRyan Baartman, usephoqeleke ukuthi abeke amakhokho ethala ebholeni lezinyawo eneminyaka engu-28 ngenxa yokulimala kanzima emhlane.
UBaartman wajoyina iBabina Noko ngo-2023 kulandela isizini evelele kuMotsepe Foundation Championship neqembu le-All Stars FC, lapho abonakale khona njengomdlali obekulindeleke ukuthi adlondlobale esigabeni esiphezulu. Ufike wadlala imidlalo engu-11 esikimini esikhulu ngaphansi kwabaqeqeshi uBrandon Truter noLehlohonolo Seema.
Kule sizini, lo mdlali uthole ukulimala okukhulu ngesikhathi sokuzilolonga, lapho kutholakale ukuthi une-slipped disc emhlane, okwaholela ekutheni ahlinzwe. Ngokombiko uBaartman welulekwa odokotela ukuthi ayeke ukudlala ibhola ngokushesha, njengoba ukulimala kwakhe kungase kuqhubeke futhi kudale izinkinga ezinzima uma eqhubeka nomsebenzi wakhe.
Lokhu kube yisimo esinzima kumdlali obekulindeleke ukuthi azibonakalise ngaphansi komqeqeshi u-Eric Tinkler kule sizini.
UBaartman waqala ukudlala esigabeni esiphezulu kwiSantos cishe eminyakeni eyishumi edlule, wadlalela neCape Town City, iSteenberg United kanye neCape Umoya ngaphambi kokuthuthela kwiSekhukhune United.