BEKUSINDWE NGOBETHOLE KOWAMAKHOSI

UKhoza ehola iqembu lamabutho ngengoma beyongena eBat Centre. ISITHOMBE: Sindiswa Nxumalo
AKHONA DLAMINI
UBE impumelelo umcimbi kaMbuso Khoza ebambisene noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), eBAT Centre izolo. Inhloso yalo mcimbi bewukukhumbula nokuhlonipha Amakhosi aKwaZulu akhothama ngesikhathi elwa nobugovu bamaNgisi.
Umcimbi wokukhumbula Impi YaseSandlwana uqale ngonyaka ka-2015, ngesikhathi uKhoza esungula iMbuso Khoza Institute For Culture and Heritage. UKhoza uyicije kakhulu intsha kulo mcimbi echaza ukuthi izindawo, imigwaqo nemifula kwaqanjwa kanjani amagama. “Empeleni uMandini yiMandeni, leli gama lavela ezithweni zomuntu ezibizwa nge-Inde(ithambo) futhi eMandeni ikhona la kwatholakala khona amathambo amabutho asala empini,” esho.
UKhoza uqhube wathi ubuthakathi bungolunye uhlobo lwesiko, kepha buphikisana nenhloso yokwelapha okusho ukuthi balethelwa ukubulala nokumosha. Abebexhase lo mcimbi ngaMakhosi neziNdlovukazi zaseMikhosini eyahlukene, izinyanga nezintombi (amatshitshi).
