UZOSHIYA MAKUPHELA ISIZINI OWE-LIVERPOOL

U-ANDREW Robertson uzoshiya ekupheleni kwesizini.
ISITHOMBE: BBC
MALIBONGWE MAZIBUKO
IQEMBU elingompetha be-English Premier League, iLiverpool, seliqinisekisile ukuthi omunye umdlali walo omkhantshubomvu uzoshiya ekupheleni kwesizini.
Iqembu limemezele ngokusemthethweni ukuthi umdlali wasemuva u-Andrew Robertson, uzoshiya i-Anfield uma sekuphele inkontileka yakhe ekupheleni kwale sizini ka-2025/26.
Esitatimendeni esikhishwe yiLiverpool, ithe uRobertson uzophetha uhambo lwakhe neqembu ngemuva kweminyaka eyisishiyagalolunye elidlalela futhi ukhathule indima ebalulekile empumelelweni yeqembu. Wanqoba nalo indebe ye-UEFA Champions League ngaphansi komqeqeshi, Jurgen Klopp. Usedlale imidlalo engu-373 kuze kube manje.
Lo mdlali waseScotland, wajoyina iLiverpool ngo-2017 esuka kuHull City. Phakathi kwezindebe azowine naleli qembu kukhona izicoco ezimbili zePremier League, iFA Cup neLeague Cup kabili. Uphinde wanqoba neFIFA Club World Cup, i-UEFA Super Cup neCommunity Shield.
ILiverpool ithe ukubungazwa kwempumelelo kaRobertson kuzobanjwa kuze kuphele isizini, njengoba lo mdlali ugxile ngokuphelele ekusizeni iqembu liqede isizini ka-2025/26 ngempumelelo.
URobertson ngumdlali wesibili ophambili ozoshiya iqembu ngoNhlangulana, kulandela isimemezelo sokuthi noMohamed Salah naye uzohamba ekupheleni kwesizini.
