Uncategorised

WENQABE IBHEYILE OWASE-CONGO OGWAZE OWESIFAZANE WAKULELI

UMFUNDISI waseCongo uFulgence Nimubona evele enkantolo namuhla.

UMJOSTI ufuna ubulungiswa ngokugwazwa kukadadewabo nengane yakhe, nguMfundisi waseCongo. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

WENQABE ibheyili uMfundisi waseCongo, uFulgence Nimubona oneminyaka engama-34 ubudala, ogwaze uNomthandazo Mbhele amanxeba angama-43 nengane yakhe eneminyaka engama-16 ubudala, ngoLwesine olwedlule eBluff, eThekwini.

Lo mfundisi ubevele eNkantolo ePhakeme, eThekwini namuhla, usolwa ngamacala amabili okuzama ukubulala, elokuba kuleli ngokukho emthethweni nelokuphula umthetho wencwadi yenkantolo evimbela ukuthi asondele kuMbhele, (protection order). Lo wesifazane ogwaziwe ungudadewabo kaMjost onguSomahlaya, okweseka amamashi axosha abokufika abakuleli ngokungekho emthethweni. Kuthiwa lo mfundisi wabuza udadewabo kaMjosti ukuthi kungani umfowabo ezibandakanya nenhlangano iMarch And March, elwisana nabokufika kuleli ngokungemthetho, nokusolwa ukuthi kwaqala lapho ukungezwani. UNomthandazoulwela impilo yakhe, esibhedlela, usegunjini labagula kakhulu (ICU).

UMjosti uthe kuyabajabulisa ukuvulwa kwedokodo, njengoba kuke kwaba nomdonsiswano okhona.Uthe amaphoyisa asesiteshini saseBluff, awazange abaphathe kahle, kuze kwasiza ukungenelela wesifundazwe. Unxuse abahlali baseNingizimu Afrika ukuthi babeke udadewabo emkhulekweni. “Ukuphaphama kukadadewethu nokululama kwakhe, yikhona okuzosisiza ukuthi atshele inkantolo ngokwenzeka ngelanga lesigameko,” kuqhuba uMjosti. Icala lihlehliselwe umhla ziyi-8 kuMandulo kulonyaka kodwa umsolwa uzotokela ejele eWestville. Umholi nomsunguli we-March And March, uJacinta Ngobese-Zuma, umyeni wakhe uMnuz Xolani Zuma namalunga ale nhlangano bebekhona enkantolo bezokweseka uMjosti