UMKHWANAZI UKHUTHAZA UMOYA WOKUBUYISELA EMPHAKATHINI

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi ephelezelwa izikhulu zikaMasipala waBaqulusi beyonikela ngegilosa emphakathini.
ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
ULOKHU uvunguzile umoya wokwazisa umphakathi, ukuwutshengisa uthando nowokulula isandla kwabahlwempu kuMasipala waBaqulusi, ngokubambisana nesitolo sokudla iSuperSpar (eVryheid) njengoba begixabeze imindeni edonsa kanzima eyakhele lo masipala ngegilosa.
IMeya kaMasipala waBaqulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, uthi unobudlelwano bokusebenzisana nalesi sitolo, kusukela siqalwa kwaze kwaba siyaqasha abasebenzi, okuyilapho agcizelela khona ukuthi siqashe abantu abakhele lo masipala.
“Namhlanje lobu budlelwane bethu obuhle sebuthele izithelo ezinhle, njengoba kunemindeni eminingi eyakhele lo masipala ezolala idlile. Ngiyabonga kakhulu kubaphathi base-Vryheid SuperSpar okunguMnuz Lucas Mtumi, uNdimphiwe Sipondo no-Andile Simelane. Ngiphinde ngibonge kuWhip Of Council uCllr MD Khumalo, uSomlomo uCllr Nonkululeko Ndlela, uMqondisi wakwa-Corporate Services uMnuz Sbonga Mhlongo nePhini lami uCllr Sakhayedwa Siyaya, abangiphelezele ukuze benze isiqiniseko sokuthi lamaphasela ayafinyelela emphakathini,” kusho iMeya uMkhwanazi.
Lobu budlelwane buqhubeka ekuzibophezeleni kwayo iMeya, ngokugqugquzela amabhizinisi endawo ukuthi abuyisele emphakathini.
