ITHEKU LIZIBOPHEZELE UKUSEBENZISANA NAMABANDLA

USOMLOMO uKhansela Thabani Nyawose ngesikhathi edumisa nabazalwane. ISITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
USOMLOMO woMkhandlu weTheku uKhansela Thabani Nyawose uvule ngokusemthethweni ingqungquthela yebandla i-Grow International Apostolic Conference, ezothatha izinsuku ezintathu eThekwini.
UKhansela Nyawose ubonge ubuholi bebandla ngokukhetha idolobha laseThekwini, ukubamba le ngqungquthela.
Uthi lo mhlangano ubaluleke kakhulu, njengoba wenzeka ngesikhathi lapho wonke amakholwa elungiselela ukuzalwa kweNkosi uJesu. “Umkhandlu uzoqhubeka nokusebenzisana namasonto ukuvuselela onembeza ebantwini nasekwakheni ukuzwana nobumbano emphakathini,” kusho uKhansela uNyawose.
