UYIBAMBE ISHISA USENZO MCHUNU

UMBIKO: UBUSISIWE ZONDI NOMZWANDILE MHLONGO
INJABULO ibibhalwe ebusweni uNgqongqoshe wezamaPhoyisa kuZwelonke uMnu Senzo Mchunu nethimba lakhe, bebona izigodi ezimbili esekuneminyaka zingabhekani, kodwa namuhla zagcina zivumelane ngo “ELETHU”, ekutheni zithelelane amanzi.
USenzo Mchunu uyibambe ishisa yaze yapholela kuyena ezandleni impi ebingalamuleki yezigodi ezimbili zakwaNongoma kwesakwaMusi nasoNyango ebeziyinkukhu nempaka. Kusukela ngonyaka odlule uMacingwane eba nemihlangano nalezizigodi obekubonakala kungelula ukuphuma nesisombululo.
Nokho lemihlangano ayibanga yize leze ngoba imiphumela ibe mihle kakhulu. Uphele umhlangano namuhla sekuqhilika izihlathi koZihlalo beKomidi Lokuthula ebebeyongxenye enkulu yalomhlangani bebonga nokungenelela kwakhe uMacingwane emuva kokuthi abaningi bezamile kodwa bahluleka endleleni.
“Bengingalindele ukuthi namuhla isiphetho sizoba nje. Ngingumuntu okholelwayo ekulungiseni amaphutha nokudala uxolo. Ngibonga ukubambisana nazo zonke izinhlaka ebezimele lezi zigodi. Ngiyajabula manje, kodwa ngizojabula kakhulu uma ngibona kuqhubeka esivumelane ngakho namuhla noma sengingekho phakathi kwabo”, kusho uMchunu
Lempi yalezizigodi isidlule nemiphefumulo eminingi, yashabalalisa namaphupho ezingane njengoba besezingalubhadi esikoleni zisabela impilo yazo. Namuhla kuvuleke ikhasi elisha, kwasuka nefu elimnyama ebeligubuzele uNongoma.
