Uncategorised

IBISEQHULWINI EYOKULONDOLOZWA KOLIMI KOWABATLOKWA

INKOSI Bokang Molefe. ISITHOMBE :SPHA MBHELE

ZETHU PHOSWA


IBISEQHULWINI eyokulondoloza kolimi lwebele emcimbini waBatlokwa wokugubha iminyaka eyi-150 bafika eNquthu KwaZulu-Natal.
INkosi uBokang Molefe uthi isizwe esingalwazi ulwimi lwaso, esiyoshabalala.
“Isizwe esingaluqondi ulimi lwaso, isizwe esiyoshabalala. Singawenza amasiko kepha uma silahlekelwa ulimi lwethu, ukunotha nokujula kwalo, ukulukhuluma ngendlela eqondile lokho kuyokwenza ukufunda kwethu kube ize leze,” kubeka Inkosi Molefe.
Ube esegqugquzela ukuthi abantu balulondoloze ulimi lwabo.
“Kubalulekile ukuthi konke esikwenzayo isiqalo sethu kube ukuluhlonipha ulimi. Izingane zethu sezasibiza ngo “daddy”, sigade kungathi uma zishisa impepho izingane zethu zosibiza ngo “daddy” sesisemazulwini, ”esho.