IBISEQHULWINI EYETHALA NOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE KOWE-IFP

IBISEQHULWINI EYETHALA NOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFANE KOWE-IFP
UMBIKO: ZETHU PHOSWA
BEYISEQHULWINI eyokuzibophezela ekulekeleleni ibhange Ithala nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, emcimbini wokwethulwa ngokusemthethwenii kwemikhankaso yomgubho weminyaka eyi-50 i-Inkatha Freedom Party (IFP) yasungulwa, eCity Hall eThekwini namuhla.
UMengameli Velenkosi Hlabisa we-IFP ethula inkulumo uthe, bayazibophezela ukuthi bazolilekelela ibhange Ithala njengoba kwaba umbono woMntwana uDkt Mangosuthu Buthelezi osakhothama, ukusungulwa kwaleli bhange.
“Angeke sivumele imisebenzi kaShenge ushabalale kanjalo. Njengoba sigubha iminyaka eyi-50 i-IFP yasungulwa 21 Marvh 1975, sifisa konke okungamagugu enziwa umsunguli waleli qembu ukuthi sikulondoloze,” kusho uMengameli Hlabisa.
Unxuse ukuthi kuliwe nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kodwa bavikelwe.
