Izindaba

ISILILO KUDLULA EMHLABENI INGQALABUTHO U-CYNTHIA SHANGE

UCYNTHIA Shange ethula inkulumo yakhe kwi-Simon Mabhunu Sabela KZN Film and TV Awards emva kokuhlonishwa ngeqhaza alibamba kwezobuciko.

UCYNTHIA Shange ngesikhathi emukela indondo yokuba ngowesifazane wokuqala omnyama ukunqoba isicoco sika-Miss Africa South ngo-1972.

PHUMELELE DLAMINI

SIKHULU isililo ezinkundleni zokuxhumana , kulandela ukudlula emhlabeni komlingisi wemidlalo kamabonakude, oke waba uZime waseNingizimu Afrika, uCynthia Shange onemnyaka engama-76 ubudala.
UCynthia udlule emhlabeni namuhla, esibhedlela esingakadalulwa KwaZulu-Natal, ngemuva
kokugula isikhathi eside.
Indodakazi yakhe, uNonhle Thema iyona eqinisekise lezi zindaba ngesitatimende esithunyelwe kwabezindaba.
Umama uCynthia uzokhumbuleka njengengqalabutho eyavula iminyango ngesikhathi sobandlululo, ngemuva kokuthi ahlwitha isicoco sika-Miss Africa South, okwaholela ekutheni ayomela iNingizimu Afrika emncintiswaneni ka-Miss World, eLondon. Uphinde waqhakaza emidlalweni kamabonakude okubalwa kuyo iDeliwe, iMuvhango neShaka Zulu.
Ngenxa yomsebenzi wakhe oncomekayo uke wahlonishwa ngezindondo kuma-SAFTAs kanye neSimon Mabhunu Sabela Awards, okukhombisa isisindo somsebenzi wakhe kwindima yezobuciko.