Uncategorised

IROBHOTHI U-LIGHTNING LIQOPHE UMLANDO EBEIJING HALF MARATHON

IROBHOTHI uLightning egijima kumjaho we-Beijing Half Marathon. ISTHOMBE: GOOGLE

PHUMELELE DLAMINI

UMKHAKHA wezobuchwepheshe usumangaze abaningi, lokhu kuza emva kokuthi irobhothi uLightning lephule irekhodi kumjaho iBeijing Half Marathon ngesikhathi esimangazayo kakhulu. Leli robhothi lakhiwe inkampani yezobuchwepheshe nedume ngezomakhalekhukhwini i-Honor, liqede umjaho ongu-21.1km esikhathini esiyimizuzu engu-50 nemizuzwana engu-26, sidlula leso esaqoshwa ngumuntu ngemizuzu engu-7.

Lo mjaho ububanjelwe endaweni yase-E-Town, eBeijing ube impumelelo enkulu uma kuqhathaniswa nalowo wangonyaka odlule lapho lamarobhothi ahlangabezana nezinkinga eziningi okubalwa kuzo ukushisa kuze kweqe, ukugijima ngesivinini esinensayo kanye nokuqhuzuka afe. Nakuba bekungumjaho kuphela lona kodwa uqubule imibuzo eminingi kubantu ngekusasa lalomhlaba njengoba sekunamarobhothi acishe afane nabantu futhi akwazi ukwenza eminye yemisebenzi eyenziwa abantu kangcono.