Uncategorised

KUMFILIBA NGEKUSASA LOMDLALO I-PIMVILLE

Abaphathi beBakwena Productions, uKagiso Modupe noRashaka Muofhe, ISTHOMBE: GOOGLE

PHUMELELE DLAMINI

KUQUBUKE umsindo phakathi kwabasebenzi nabaphathi bomdlalo kamabonakude owuchungechunge iPimville, okhonjiswa njalo phakathi nezinsuku ngehora lesi-21:00 ebusuku kuSABC 2, ngenxa yezikhalo zokungakhokhelwa kwabalingisi kusukela ngenyanga kaNhlolanja kulo nyaka.

Ngokwemibiko esabalele kwabezindaba ithi lesi sigameko asiqali kwenzeka. njengoba nangoZibandlela kunyaka ka-2025, izimali zabo abasebenzi zabambezeleka kwaze kwaba uMasingana ngonyaka ka-2026. Kubikwa ukuthi lo mdlalo okhiqizwa iBakwena Productions, usamile ukuqopha njengoba abalingisi beshaya phansi ngonyawo bethi abalubhadi emsebenzini uma bengazitholile izimfanelo zabo. Kuvele ukuthu okunye abasebenzi abakhala ngakho, ukuthi nakuba benesivumelwano sokuthi iBakwena Productions iyona ezobabhekelela kwezokuthutha, uma beya emsebenzini kodwa manje sekudla bona ephaketheni.

“URashaka uphila impilo yobukhazikhazi uze wavula nendawo yobumnandi, i-The Black Box eSandton kodwa thina sishiywe dengwane asikhokhelwa futhi asinikwa izimpendulo ezicacile uma sibuza,” kusho omunye wabalingisi ongadalulwanga igama.

INhloko yezokuXhumana kwiBakwena Productions, uSimphiwe Majola, uthi lokhu kungeminye yemizamo yokubadicilela phansi eyenziwa abantu. “Siyaqinisekisa ukuthi ukuqopha lolu hlelo lusaqhubeka, futhi senza isiqiniseko sokukuthi siphatha zonke izisebenzi zethu ngendlela efanele,” kusho uMajola.