UNALEDI UKHALA EZIMATHONSI

UNALEDI ophunyukwe iqatha emlonyeni lika-R5 million. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
SIKHALA ezimathonsi isihlabani somculi wakuleli uNaledi Aphiwe, ngabantu abazama ukudicilela phansi ikusasa lakhe, kulandela ukungawutholi umsebenzi kaR5 million.
Lo mculi ukhale ezinkundleni zokuxhumana, nakho okumenzele ukuba nyamanambana kumakhasimende akhe, ngenxa yokungaluwoqi ulimi uma ephawula .
“Manizwa ukuthi angisekho emhlabeni ningathuki, I’m so tired and fed up, hope bonke laba abazama uku-destroy icareer yami bazojabula,” kusho umbhalo kaNaledi.
Kuthiwa lo mbhalo kaNaledi ulandela ukungawutholi, umsebenzi ka-R5 million wakwa-Stumbo ngenxa yokuphawula kwakhe okungekuhle ezinkundleni zokuxhumana.
Kamuva nje usanda kuxolisa ngokuphawula kwakhe ayekubhekise kumlandeli wakhe waseZimbabwe, okungehlanga kahle kwabaningi lapho umlandeli ayembuza ukuthi uyanini eZimbabwe. UNaledi waphendula ngokuthi ” hambani ngizonifica phambili,”.
