Uncategorised

UNTULI UTHI I-MKP ISABISA NGENYOKA EFILE

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli uthi uzinze ukuzinza akayindawo. ISITHOMBE: OTP

NOMCEBO NGEMA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli uthi iqembu lezombusazwe uMkhonto Wesizwe Party, ayiyeke ukusabisa ngenyoka efile, ngoba uzinze uzinzile kwesobundunankulu KwaZulu-Natal futhi akayindawo.
UNdunankulu ukusho lokhu kulandela ukuthi iqembu leMKP, liqhuba umkhankaso wokumketula esikhundleni, esishayamthetho njengoba lithi alibuthembi ubuholi bakhe.
“Laba abaqhuba umkhankaso wokuthi ababuthembi ubuholi bami bakhohlisa abantu ngoba uhulumeni wobumbano waKwaZulu-Natal usebenza ngokuzimisela futhi unozinzo. Uhulumeni wesifundazwe yiwona kuphela onyukelwe umnotho ngo-0,8% ngokwezibalo zikazwelonke, yiwona odale amathuba emisebenzi ayi-54 000, ukutshalwa kwezimali, okulinganiselwa ngaphezu kuka-R85 billion ngonyaka odlule,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uthi abantu abaqashiwe ngokugcwele bangaphezulu kuka-60 000, kuthi abayitoho bayi- 100 000.

.