ISASASA NGOMDLALO OMUSHA KU-E.TV

UMDLALO i-Emzini odlala ngehora lesishagalolunye kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. ISITHOMBE: FACEY
AKHONA DLAMINI
ZINGENA zingenile izincomo ezinkundleni zokuxhumana ngomdlalo osematheni kulezi nsuku okhonjiswa ku-eTV.
Lo mdlalo obizwa ngokuthi Emzini ungene esikhaleni se-Smoke and Mirrors nawo obunedumela kakhulu.
Ababukeli bathi bezinkulu impela izicathulo ebekumele zigcwaliswe ilo mdlalo, kodwa ufike wangena khaxa.
Baphinde bancoma nabalingisi abahamba phambili okunguWiseman Mncube owayedlala indawo yeNkosi uZwide kuShaka Ilembe, uKhabonina Qubeka owaziwa kakhulu ngoNtombazi unina kaZwide kuShaka Ilembe.
Okumangazayo labalingisi badlala umama nendodana nakulo mdlalo, okuyilokho okwenza waba nesasasa elikhulu,
lo mdlalo uphinde ubophele nenkakha uMuzi Mthabela owaduma kakhulu kwiSibaya edlala indawo kaDuma Ngema.
Ababukeli bancome nobunyoninco bababhali balo mdlalo, bathi ukubhala kwabo kuhlukile kuneminye imidlalo.
