Uncategorised

KUNCONYWE IMEYA YASEBAQULUSINI NGAMAGALELO AYO

IMEYA uCllr S’fiso Mkhwanazi, u-Amkela, uDudu Khoza, u-Enzokuhle kanye noMnuz Vezi Mhlungu onguthisha ngesikhathi besemsakazweni uKhozi FM.

IMEYA uCllr Mkhwanazi eshiya konke yaphelezela izimbongi ezincane kodwa ezinobuhlakani. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

KUCHONYWE uphaphe lwegwalagwala iMeya yakuMasipala Abaqulusi eVryheid uCllr Sifiso Mkhwanazi, ngamagalelo akhe amahle emphakathini okweseka nokuthanda izingane. Lokhu kulandela ukuthi ikhokhele zonke izindleko zika-Enzokuhle Nkosi oneminyaka eyisi-9 ubudala, no-Amkela Manqele oneminyaka eyi-12 ubudala, abangabafundi base-Harpo Primary School baphinde babe abahayi bezinkondlo abanobuciko obusezingeni eliphezulu.

IMeya Mkhwanazi ixhase lonke uhambo lwalezi ngane okuhlanganisa nothisha obeziphelezela, baphinde bathola isidlo sasemini ebesihlelwe nguye uMeya uMkhwanazi.

Ngesikhathi ebuzwa emsakazweni ukuthi kungani ekhethe ukuxhase lezi ngane ukuthi zifinyelele kulolu hlelo uthi, “Angikwazi ukungashiyi konke phansi ngilekelele lawa maciko anethalente elihle kangaka, ngiwumholi onenhlanhla ukuba nalezingane endaweni enginikwe ukuyihola. Lezingane zinethalente elimangalisayo ngakho badinga ukwesekwa ngayo yonke indlela yingakho ngenze konke okusemandleni ami ukuthi ngibalekelele ukuze umsebenzi wabo waziwe umhlaba wonke. Ngiyaziqhenya kakhulu ngabo, nanokuzwa ukuthi lomsebenzi omuhle nojule kangaka bazibhalela bona bebancane kangaka. Ngibongela isikole kanye nabazali babo ngakho konke lokhu, “ kusho uMkhwanazi.
Lamaciko amancane athinte izinhliziyo zabaningi, ngesikhathi zihaya izinkondlo zawo emsakazweni uKhozi FM, mhla zingama-20 kuNhlolanja kulo nyaka, ohlelweni iJabul’Jule olushayelwa uDudu Khoza “LadyD” noSiyabonga Mpungose oyimbongi njalo phakathi nezinsuku libumbene elesi-9:00 ekuseni kuze kube u12:00 emini bebade.

Lawa maciko athola ithuba lokuzwisa umsebenzi wawo omunye umculi we-Afro Pop ohlonishwa kakhulu kuleli uSjava, owujabulele kakhulu umsebenzi wabo, waphinda wabafisela okuhle kodwa kulendlela yamaciko.
UMnuz Vezi Mhlungu onguthisha okunguyena obephelezele izingane, uthi esikoleni bagqugquzela ukuthi izingane zifunde ngoba bayakholelwa kakhulu ekutheni alungapheli usuku ingane ingafundanga noma okungenani incwadi eyodwa ngosuku. Abazali babonge bangcongcoza kwiMeya ngokungakhethi ukuthi umdala noma umncane uma ilula isandla.