Uncategorised

KUTHUNGATHWA ABASOLWA ABAYI-17 NGELOKUBAMBA IMOTO YEMALI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

AMAPHOYISA athungatha abasolwa abayi-17 abathinteka ekubanjweni inkunzi imoto yemali ngoLwesibili.
Lesi sigameko senzeke kuN2 eThekwini eduze kwenkampani eyakha usemende NPC.
Kulokhu kubanjwa kwemoto yemali, amaphoyisa aqinisekise ukuthi kusabanjwe ababili oyedwa wabo usale enkundleni, kusathungathwa abanye abathintekayo.
Abasolwa babanjwe ngalo usuku lwesigameko eGlenwood eThekwini.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi amaphoyisa elandele umkhondo ngemoto ebonakale isetshenziswa abasolwa kuN2 ekuseni.
laba basolwa babanjwe behamba ndawonye, okuthe oyedwa uma ebona amaphoyisa wavulela ngenhlamvu ebhekise kuwo.
Abakwasidlodlo babuyisela ngezulu le zandla kwafa umsolwa oyedwa, kwasinda oyedwa ophuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokulimala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekile ukubanjwa kwabasolwa ababili abathinteka emacaleni amaningi nokuthi kusathungathwa abanye.
“Abasolwa ababili kusolakala ukuthi bayathinteka ecaleni lokubulawa kuphindelela abantu eNtambanana kwisigameko esenzeke ngoJanuary 2025 nangoJune 2024 kuyo leya ndawo,” esho.
Uthi kulesi sigameko sokubanjwa kwemoto yemali, imoto ibidunwe kwaMakhutha yasetshenziswa kulesi sigameko, itholakale eMariannhill, kubonakala izikhwama ezibukeka sengathi ezemali.