Uncategorised

KONKE SEKUMI NGOMUMO NGE-COMRADES ETHEKWINI

UMASIPALA weTheku uthi konke sekumi ngomumo ngeComrades Marathon ezoba ngeSonto.

ABASEBENZI bakaMasipala weTheku belungisa umgwaqo. IZITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

UMASIPALA weTheku uthi konke sekumi ngomumo ngamalungiselelo eComrades Marathon ezoba ngeSonto mhla ziyi-14 kulenyanga, njengoba kulonyaka izobe isuka eThekwini ibheke eMgungundlovu. ITheku lithi selikulungele ukusingatha abasubathi abangama-21 600 abazoba ingxenye yeComrades Marathon ezobe kungeyesi-99 kulonyaka.

“Silindele nezihambeli ezingaphezu kwama-65 000 ezizobe ziqhamuka nkalo zonke kuleli, nakwamanye amazwe zizobonela ngokwazo lo mjaho. Lo mjaho awugcini ngokutholozelwa abantu kuphela, kodwa uphinde uthuthukise umnotho weTheku okubalwa izindawo zokulala, ezokuthutha, izitolo nokunye okuningi. Amabhizinisi amancane nawo ayayenza inzuzo kwizivakashi ezisuke ziyingxenye yalomjaho, kuphinde kudaleke namathuba omsebenzi alinganiselwa kwizi-1 300,” kusho uMasipala weTheku.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku uColonel Boysie Zungu uxwayisa amalunga omphakathi azobe esemgwaqeni lapho kudlula khona abasubathi beComrade Marathon ukuthi bangalinge bangene emgwaqeni bebajabulela, ngoba lokho kuphazamisa abagijimi.

Uphinde wacacisa kabanzi ngemigwaqo ezophazamiseka phakathi kwamabili ngeSonto ekuseni. “Njengoba abasubathi bezobe besuka eThekwini bebheke eMgungundlovu imigwaqo izoqala ukuvalwa phakathi kwamabili mhla ziyi-14. Imigwaqo ezophazamiseka uWest Street, uRussell Street, uM13 eHillcrest kanye no-R103 yonke imigwaqo engenela kulemigwaqo izobe iphazamisekile. Sicela abashayeli kanye nabasebenzisi bomgwaqo ukuba bagweme yonke imigwaqo engenela kulemigwaqo ukuze bengaphazamiseki. Sizotshala amaphoyisa kamasipala angama-371 azoqinisekisa ukuthi wonke umuntu uphephile. Sicela nabazobe bemile eceleni komgwaqo bebuka abagijimi ukuthi bangangeni emgwaqeni uma bebona bedlala, ngoba lokho kuphazamisa umgijimo kuphinde kubeke nabagijimi engcupheni okanye engozini,” kusho uColonel Zungu.